Saturday, March 11, 2023

Ngaxolela umfazi wami ngabulala indoda

"Ngaxolela umfazi wami ngabulala indoda"


Ngiboshiwe ngiboshelwe icala lokubulala lapho engathengela khona umuntu owayethandana nonkosikazi wami izinkabi zamudubula zamubulala. Ngase ngigwetshwa 25yrs.


Mina nonkosikazi wami bese sino 5yrs sishadile kanti unkosikazi wami uzolingeka emsebenzini agcine eqoma umuntu ayesebenza naye,  ngathi base bethandane iskhathi esingango 6 months mina mangithola. Lomlisa naye bekungumuntu oshadile shuthi kwakuwumjolo wasemusebenzini.


Mina malume ngizothola udaba ngomngani kankosikazi wami othembeke kakhulu kimi. Ukungitshela kwakhe kwakungasikho ukuthi wayexova umshado wami kodwa lento yayingamuphethe kahle, ukuthola kwami ukuthi umfazi wami wenzani kwangibulala emoyeni kodwa ngoba ngiyamuthanda ngamuxolela engaxolisanga ngase ngilungisa isimo ngendlela yami.


Malume into nje ebuhlungu ukuthi isimo ngasilungisa ngendlela engeyinhle, ngathola abafana abangifuna uR40k ngokwenza lomsebenzi imali yayingeyona inkinga ngabanika abafana, bawenza umsebenzi. Abafana bagcina bebanjwa base benza ideal namaphoyisa bagcina bengikhipha ukuthi babethunywe yimi ngaboshwa kanjalo.


Mina nonkosikazi wami sisashadile namanje ngoba ngisejele, futhi ngoba ngingekho washo ukuthi uzongilinda ngize ngibuye, uyena umuntu ophansi phezulu ngaphandle ongizamela abameli ngoba ngisezinhlelweni zokwenza i-appeal, mina malume ngisho ngingabuya eseqomile futhi ngiyophinde ngimuxolele bese ngiqondana nendoda.


Malume mina angazi abantu babafunani  abafazi bamanye amadoda, abantu abafuni ukuganwa thina mase siganiwe sebethatha bona laba abasiganile. Mina iningi kakhulu imali eyangilahlekela kusukela ngilobola ngize ngishada ngeke ngivume phezu kwezimali ezingaka ezahamba bese into yami imoshwa umuntu wase mhlabeni.


Namanje malume ngoba ngila ejele ngiyezwa ngandlebenye ukuthi umshana wami akasapheli emzini wami, ngiyafisa ingane kadadewethu ingayenzi lento engiyicabangayo ngoba kuyoqhuma nhlavana ezinye ziyofekela.